Isiqalo Bheka futhi isihloko esithi Dala, Indalo; Impilo eyandulela eyasemhlabeni; Jesu Kristu Ngokujwayelekile lokhu kusho isikhathi ngaphambi kwalempilo yasemhlabeni—okungukuthi, impilo eyandulela eyasemhlabeni. Kwesinye isikhathi uJesu Kristu kuthiwa uyisiQalo. Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba, Gen. 1:1 (Mose 2:1). Ekuqaleni wayekhona uLizwi, Joh. 1:1. Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, 3 Nefi 9:18. UKristu uyisiqalo nesiphetho, Mf&V 19:1. Isivumelwano esisha nesaphakade sasisuka ekuqaleni, Mf&V 22:1. Umuntu wayekhona ekuqaleni noNkulunkulu, Mf&V 93:23, 29. Imimoya enobuntu nemikhulu yakhethwa ekuqaleni ukuba ibe ngababusi, Mf&V 138:55. OZelwe Yedwa wami wayenami kusuka ekuqaleni, Mose 2:26.