Idwala Bheka futhi isihloko esithi Isambulo; Ivangeli; Jesu Kristu Ngokulinganisa, nguJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe, okuwukumiswa kanye nesisekelo esiqinile (Mf&V 11:24; 33:12–13). Idwala lingasho futhi isambulo, uNkulunkulu azisa ngaso ivangeli Lakhe kumuntu (Math. 16:15–18). Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, Dut. 32:4. INkosi iyidwala lami; ngizothembela kuyo, â…¡Â Sam. 22:2–3. Itshe laphonswa ngaphandle kwezandla, Dan. 2:34–35. Yayisekelwe yidwala, Math. 7:25 (3 Nefi 14:25). UJesu Kristu uyitshe eladelelwa, IzE. 4:10–11. Lelolitshe kwakunguKristu, â… Â Kor. 10:1–4 (Eks. 17:6). Lowo owakhele edwaleni uyalemukela iqiniso, 2 Nefi 28:28. AbaJuda bazolenqaba itshe [uKristu] abebengakhela kulo, Jakobe 4:15–17. Kuphezu kwedwala elingumHlengi wethu lapho okufanele sakhele isisekelo sethu khona, Hel. 5:12. Lowo owakhela phezu kwezimfundiso zikaKristu wakhela phezu kwedwala lakhe futhi kasoze awe uma izikhukhula seziza, 3 Nefi 11:39–40 (Math. 7:24–27; 3 Nefi 18:12–13). Indoda ehlakaniphileyo yakhela umuzi wayo phezu kwedwala, 3 Nefi 14:24. Uma nakhele phezu kwedwala lami, umhlaba nesihogo ngeke kunqobe, Mf&V 6:34. Lowo owakhela phezu kwalelidwala akasoze awa, Mf&V 50:44. NginguMesiya, iNkosi yaseSiyoni, iDwala laseZulwini, Mose 7:53.