Isexwayiso, Xwayisa Bheka futhi isihloko esithi Abalindi, Linda Wukunika imbiko noma isiqapheliso. Abaphrofethi, abaholi, kanye nabazali baxwayisa futhi bafundise abanye ukuba bathobele iNkosi kanye nezimfundiso Zayo. UJakobe wabexwayisa abantu baNefi ngazo zonke izinhlobo zesono, Jakobe 3:12. Izwi lesexwayiso likubo bonke abantu, Mf&V 1:4. Ukushumayela kwenu makube yizwi lesexwayiso, Mf&V 38:41. Lolu wusuku lwesexwayiso, Mf&V 63:58. Wonke umuntu oxwayisiwe kufanele axwayise umakhelwane wakhe, Mf&V 88:81. Nginixwayisile, futhi nganixwayisa kuqala, ngokuninika lelizwi lokuhlakanipha, Mf&V 89:4.