Ukuqonda Bheka futhi isihloko esithi Iqiniso; Ukuhlakanipha; Ulwazi Wukuthola ulwazi noma wukuzwa incazelo yeqiniso elithile, kuhlanganisa nokusetshenziswa kwalo empilweni. Ungenciki kokwakho ukuqonda, IzA. 3:5. Ngakho konke okutholileyo zuza ukuqonda, IzA. 4:7. UJesu wakhuluma ngemifanekiso futhi abanye abamuqondanga, Math. 13:12–17. INkosi yavula ukuqonda kwabo, Luka 24:45. Uma ningenakuwaqonda lamazwi, kuzokuba ngenxa yokuthi aniceli, 2 Nefi 32:4 (3 Nefi 17:3). Imibhalo yalondolozwa ukuze sifunde futhi siqonde, Mosiya 1:2–5. Ngenxa yokungakholwa kwabo, babengakwazi ukuliqonda izwi likaNkulunkulu, Mosiya 26:3. Babengamadoda anokuqonda okuphelele, Alima 17:2–3. Izwi laqala ukukhanyisa ukuqonda kwami, Alima 32:28. Masikhulume ukuze niqonde, Mf&V 50:10–12, 19–23. Abazali kufanele bafundise abantwana babo ukuze baqonde, Mf&V 68:25. Imisebenzi kanye nezimfihlakalo zikaNkulunkulu zingaqondwa kuphela ngoMoya oNgcwele, Mf&V 76:114–116. USathane ufuna ukujika izinhliziyo zabantu zisuke ekuqondeni, Mf&V 78:10. UkuKhanya kukaKristu kukhulisa ukuqonda kwethu, Mf&V 88:11.