Okweshumi Bheka futhi isihloko esithi Imali; Umnikelo Yinxenye yeshumi yenzuzo yonyaka yomuntu eya iNkosi ngeBandla. Izimali zokweshumi zisetshenziselwa ukwakha amabandla kanye namathempeli, ukusekela umsebenzi wabefundisi, kanye nokwakha umbuso kaNkulunkulu emhlabeni. U-Abrahama wanika okweshumi kwakho konke ayenakho kuMelkisedeki, Gen. 14:18–20 (Heb. 7:1–2, 9; Alima 13:15). Konke okweshumi kungokweNkosi kungcwele eNkosini, Lev. 27:30–34. Uyonikela ngokweshumi konke ukukhula, Dut. 14:22, 28. Okweshumi kwazo zonke izinto bakuletha ngobuningi, Ⅱ IziKr. 31:5. Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Sikuphange kanjami na? Ngokweshumi nangeminikelo, Mal. 3:8–11 (3 Nefi 24:8–11). Lowo okhokha okweshumi ngeke ashiswa ekuzeni kwakhe, Mf&V 64:23 (Mf&V 85:3). Indlu yeNkosi izokwakhiwa ngokweshumi kwabantu bayo, Mf&V 97:11–12. INkosi yawembula umthetho wokweshumi, Mf&V 119. Izimpahla ezikhokhwe ngokweshumi ziyodayiswa ngumkhandlu, Mf&V 120.