Gibithe
Yizwe elisengosini esenyakatho engasempumalanga yezwekazi lase-Afrika. Ubuningi beGibithe buwugwadule futhi buphundlekile. Abaningi abakhile bahlala esiGodini seNayile, ubukhulu baso obungamakhilomitha angamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye.
IGibithe lasemandulo lalinothile futhi lichumile. Mikhulu imisebenzi yezwe eyakhiwa, kuhlanganisa namakhanela okuhola amanzi; imizi eqinile yokuvikela; futhi namatshe esikhumbuzo sasebukhosini, ikakhulukazi amathuna akhiweyo namathempeli, namanje asengezinye zezimangaliso zomhlaba. Isikhathi eside, umkhandlu ophetheyo wamaGibithe wawulingisa uhlelo lobuphristi lwabaphatriyakhe (Abr. 1:21–27).