IMvana kaNkulunkulu Bheka futhi isihloko esithi Hlawula, Inhlawulo; Jesu Kristu; Phasika Yigama lomSindisi elibhekiswe kuJesu njengomnikelo wokuzidela owenzelwa thina. Ulethwa njengemvu ekuhlatshweni, Isaya 53:7 (Mosiya 14:7). Bheka iMvana kaNkulunkulu, esusa isono somhlaba, Joh. 1:29 (Alima 7:14). Nahlengwa ngegazi eliyigugu likaKristu, njengelemvana engenabala, â… Â Petru 1:18–20. Ifanele iMvana eyabulawa, IsAmb. 5:12. Siyamehlula uSathane ngegazi leMvana, IsAmb. 12:11. Laba benziwa babemhlophe egazini leMvana, ngenxa yokholo lwabo kuyo, 1 Nefi 12:11. IMvana kaNkulunkulu yiNdodana kaBaba waPhakade, futhi nomSindisi womhlaba, 1 Nefi 13:40 (1 Nefi 11:21). Khalani kakhulu kuBaba egameni likaJesu, ukuze mhlawumbe nihlanzwe ngegazi leMvana, Morm. 9:6 (IsAmb. 7:14; Alima 34:36). INdodana yoMuntu yiMvana eyabulawa kusuka ekusekelweni komhlaba, Mose 7:47.