Inkululeko, Okhululekileyo Bheka futhi isihloko esithi Ilungelo lokukhetha; Inkululeko; Ukuthunjwa Ngamandla noma wukukwazi komuntu uqobo kokuba azikhethele ngaphandle kokuphoqwa. Ngokomoya, umuntu ophendukayo futhi nothobela intando kaNkulunkulu ukhululekile ebugqilini besono ngeNhlawulo kaJesu Kristu (Mosiya 5:8). Iqiniso liyonikhulula, Joh. 8:32. Labo ababa ngabakhululekileyo esonweni bazuza ukuphila okuphakade, Roma 6:19–23. Igatsha elilungileyo lendlu yakwa-Israyeli liyokhishwa ekuthunjweni lilethwe enkululekweni, 2 Nefi 3:5. Bakhala eNkosini ukuba bakhululeke, Alima 43:48–50. UMoroni wakuthokozela ukukhululeka kwezwe lakhe, Alima 48:11. UMoya kaNkulunkulu ungumoya wenkululeko, Alima 61:15. Ngilandeleni, futhi niyokuba ngabantu abakhululekileyo, Mf&V 38:22.