Ukukhuluma amanga Bheka futhi isihloko esithi Inkohliso, Khohlisa, Ukukhohlisa; Othembekileyo, Ukuthembeka; Ukukhuluma okubi Yinoma yikuphi ukwazisa okungamanga noma okungelona iqiniso ngehloso yokukhohlisa. Ningebi, ningakhohlisani, ningakhulumi amanga, Lev. 19:11. Ngiyawazonda futhi ngiyawenyanya amanga, AmaH. 119:163. Izindebe zamanga ziyisinengiso eNkosini, IzA. 12:22. Bangabantu bami abangakhulumi amanga, Isaya 63:8. Udeveli ungumqambi manga futhi ungubaba wamanga, Joh. 8:44 (2 Nefi 2:18; Etere 8:25; Mose 4:4). Awukhulumanga amanga kubantu, kodwa kuNkulunkulu, IzE. 5:4 (Alima 12:3). Uma umuntu ethi, ngiyamthanda uNkulunkulu, azonde umfowabo, ungumqambi manga, â… Â Joh. 4:20. Bonke abaqambi manga banesabelo ekufeni kwesibili, IsAmb. 21:8 (Mf&V 63:17). Maye kumqambi manga, ngokuba uyophonswa phansi esihogweni, 2 Nefi 9:34. Abaningi bayofundisa imfundiso yamanga, bethi: qamba amanga kancane futhi akukho cala kulokhu, 2 Nefi 28:8–9 (Mf&V 10:25). Nicabanga ukuthi ningaqamba amanga eNkosini, Alima 5:17. UnguNkulunkulu weqiniso futhi awukhulumi amanga, Etere 3:12 (Num. 23:19; â… Â Sam. 15:29; Thithu 1:2; Heb. 6:18; Enoshe 1:6). Lowo ukhuluma amanga futhi owenqaba ukuphenduka uyokhishelwa ngaphandle, Mf&V 42:21. Abakhuluma amanga bayodla ifa lenkazimulo yethilestiyali, Mf&V 76:81, 103–106. Sikholelwa ekuthembekeni, Bha. Kho. 1:13.