Imiyalelo kaNkulunkulu Bheka futhi isihloko esithi Imiyalelo elishumi; Isono; Izwi likaNkulunkulu; Othobelayo, Thobela, Ukuthobela; Umthetho Yimithetho nokudingekayo uNkulunkulu akunika abantu, ngamunye noma bebonke. Ukugcina imiyalelo kuzoletha izibusiso zeNkosi kwabahloniphayo (Mf&V 130:21). UNowa wenza njengakho konke ukuyala kukaNkulunkulu, Gen. 6:22. Hambani ngemithetho yami, futhi nigcine imiyalelo yami, Lev. 26:3. Gcina imiyalelo yami, uphile, IzA. 4:4 (IzA. 7:2). Uma ningithanda, gcinani imiyalelo yami, Joh. 14:15 (Mf&V 42:29). Lokho esikucelayo, siyakuthola kuye, ngokuba sigcina imiyalelo yakhe, â… Â Joh. 3:22. Imiyalelo yakhe ayinzima, â… Â Joh. 5:3. Unganyakaziseki ekugcineni imiyalelo, 1Â Nefi 2:10. INkosi ayiniki myalelo ngaphandle kokuba ilungise indlela, 1Â Nefi 3:7. Kufanele ngenze njengokuqina kwemiyalo kaNkulunkulu, Jakobe 2:10. Kangangoba nigcina imiyalelo yami, niyophumelela ezweni, Jaromu 1:9 (Alima 9:13; 50:20). Funda ebusheni bakho ukugcina imiyalelo kaNkulunkulu, Alima 37:35. Lemiyalelo isuka kimi, Mf&V 1:24. Hlolani lemiyalelo, Mf&V 1:37. Labo abangayigcini imiyalelo ngeke basindiswe, Mf&V 18:46 (Mf&V 25:15; 56:2). Eyami imiyalelo ingokomoya; ayiyona eyemvelo noma eyomhlaba, Mf&V 29:35. Imiyalelo inikwe ukuze siyiqonde intando yeNkosi, Mf&V 82:8. Angazi, ngaphandle kokuthi iNkosi ingiyalile, Mose 5:6. INkosi izobavivinya abantu ukuze ibone ukuthi bazokwenza yini konke ebayala ngakho, Abr. 3:25.