Obongayo, Okubongwayo, Ukubonga Bheka futhi isihloko esithi Busisa, Isibusiso, Obusisiweyo; Ukukhonza Wukubonga ngezibusiso ezitholakala kuNkulunkulu. Ukuzwakalisa ukubonga kuyamthokozisa uNkulunkulu, futhi ukukhonza kweqiniso kuhlanganisa ukumbonga. Kufanele siyibonge iNkosi kuzo zonke izinto. Kuyinto enhle ukubonga eNkosini, AmaH. 92:1. Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, AmaH. 95:1–2. Mbongeni, nibusise igama lakhe, AmaH. 100. Ningayeki ukubonga, Ef. 1:15–16. Yibani ngababongayo, Kol. 3:15. Isibusiso, nenkazimulo, nokubonga, nokuhlonishwa makube kuNkulunkulu wethu, IsAmb. 7:12. O kufanele kangakanani ukuthi nibonge iNkosi yenu yasezulwini, Mosiya 2:19–21. Hlalani nibonga nsuku zonke, Alima 34:38. Uma uvuka ekuseni inhliziyo yakho mayigcwale ukumbonga uNkulunkulu, Alima 37:37. Kufanele nenze zonke izinto ngomkhuleko nokubonga, Mf&V 46:7. Kumele nimbonge uNkulunkulu, Mf&V 46:32. Nenza lezi zinto ngokubonga, Mf&V 59:15–21. Uyosithola lesi sibusiso ngesandla seNkosi, ngenhliziyo ebongayo, Mf&V 62:7. Lowo owemukela izinto zonke ngokubonga uyokwenziwa abe nenkazimulo enkulu, Mf&V 78:19. Kukho konke bongani, Mf&V 98:1 (â… Â Thes. 5:18). Dumisa iNkosi ngomkhuleko wokudumisa nokubonga, Mf&V 136:28.