Udade Bheka futhi isihloko esithi Abantu, Umuntu; Abazalwane, Umfowethu; Abesifazane, Owesifazane Njengabantwana baBaba wethu oseZulwini, wonke amadoda kanye nabesifazane ngokomoya ngabafo kanye nodade. KuleliBandla, amalungu angodade kanye nabangani beBandla avamise ukubizwa ngodade. Abenza intando kaBaba, yibo abangabafowethu kanye nodadewethu, Math. 12:50 (Marku 3:35). Imithetho elawula ukuvunywa kwezono phakathi kwabazalwane eBandleni ibekwa obala, Mf&V 42:88–93.