Inyama Bheka futhi isihloko esithi Fayo, Impilo yasemhlabeni; Ukunaka inyama; Umuntu wemvelo; Umzimba Inyama inezincazelo ezahlukeneyo: (1) yinyama ethambile eyenza imizimba yabantu, izilwane, izinyoni, noma izinhlanzi; (2) yimpilo yasemhlabeni; noma (3) wubunjalo bomzimba noma benyama bomuntu. Inyama ethambileyo yomzimba Izilwane ziyoba ngukudla kwenu, Gen. 9:3. Izilwane akufanele zibulawe kungenasidingo, HJS, Gen. 9:10–11 (Mf&V 49:21). Izilwane kanye nezinyoni kubekelwe ukusetshenziswa ngumuntu ukuba adle nokuba embathe, Mf&V 49:18–19 (Mf&V 59:16–20). Kufanele sidle inyama ngokonga, Mf&V 89:12–15. Impilo yasemhlabeni UJesu nguye kuphela ozelwe nguBaba emhlabeni, Joh. 1:14 (Mosiya 15:1–3). U-Adamu waba yinyama yokuqala, Mose 3:7. Isimo sobunyama somuntu Uqalekisiwe umuntu othembela kubantu, Jer. 17:5. Umoya uyafisa, kodwa inyama ibuthakathaka, Marku 14:38. Inkanuko yenyama ayiveli kuNkulunkulu, â… Â Joh. 2:16. UNefi waba lusizi ngenxa yenyama kanye nobubi bakhe, 2 Nefi 4:17–18, 34. Ningazibuyiseli kudeveli kanye nasenyameni, 2 Nefi 10:24.