Themba Bheka futhi isihloko esithi Iqholo; Ukholo Wukuthembela noma wukubeka ithemba kumuntu noma entweni ethile. Ezintweni zomoya, ithemba lihlanganisa nokuthembela kuNkulunkulu kanye nakuMoya Wakhe. Noma engishaya, kodwa ngizomethemba, Jobe 13:15. Thembela eNkosini ngenhliziyo yakho yonke, IzA. 3:5. UNkulunkulu wazikhulula izinceku zakhe ezazimethemba, Dan. 3:19–28. Ngizothembela kuwe ingunaphakade, 2 Nefi 4:34. Thokozani futhi nibeke ithemba lenu kuNkulunkulu, Mosiya 7:19. Obeka ithemba lakhe kuNkulunkulu uyophakanyiswa ngosuku lokugcina, Mosiya 23:22. Labo abayobeka ithemba labo kuNkulunkulu bayosekelwa ezilingweni zabo, Alima 36:3, 27. Ungathembeli engalweni yenyama, Mf&V 1:19. Beka ithemba lakho kulowoMoya oholela ekwenzeni okuhle, Mf&V 11:12. Makathembele kimi futhi ngeke anqotshwe, Mf&V 84:116.