Inkohliso, Khohlisa, Ukukhohlisa Bheka futhi isihloko esithi Inkohliso; Ukukhuluma amanga Emibhalweni engcwele, ukukhohlisa wukubangela ukuba umuntu akholelwe entweni engelona iqiniso. Lowo ongafungi ngenkohliso uyokhuphukela entabeni yeNkosi, AmaH. 24:3–4. Ngikhulule kumuntu wenkohliso, AmaH. 43:1. Maye kulabo abathi okubi kuhle, futhi abathi okuhle kubi, Isaya 5:20 (2 Nefi 15:20). Makungabi bikho umuntu ozikhohlisayo, â… Â Kor. 3:18. Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, Ef. 5:6. Abantu ababi bayokhohlisa futhi bakhohliswe, â…¡Â Thim. 3:13. USathane, owayekhohlisa umhlaba wonke, waphonswa phandle, IsAmb. 12:9. USathane waboshwa ukuze angabe esazikhohlisa izizwe nanini, IsAmb. 20:1–3. INkosi ngeke yakhohliswa, 2 Nefi 9:41. Uma nilandela iNdodana, ningabi nankohliso phambi kukaNkulunkulu, niyowuthola uMoya oNgcwele, 2 Nefi 31:13. USheremi wavuma ukuthi wakhohliswa ngamandla kadeveli, Jakobe 7:18. Abantu beNkosi uNowa bakhohliswa ngamazwi athophayo, Mosiya 11:7. Abahlakaniphileyo bemukele uMoya oNgcwele waba ngumqondisi wabo, futhi abakhohlisekanga, Mf&V 45:57. Maye kulabo abangabakhohlisi, Mf&V 50:6. Waba nguSathane, uyise wawo wonke amanga, ukuze akhohlise futhi aphuphuthekisa abantu, Mose 4:4.