Isithuko Bheka futhi isihloko eithi Hlambalaza, Ukuhlambalaza Wukungahloniphi noma wukudelela izinto ezingcwele; ikakhulukazi ukungalihloniphi igama likaNkulunkulu. Ungaliphathi ngeze igama leNkosi uNkulunkulu wakho, Eks. 20:7 (2 Nefi 26:32; Mosiya 13:15; Mf&V 136:21). Sisingcoliselani isivumelwano sobaba na, Mal. 2:10. Wonke amazwi ayize abantu abawakhulumayo, bayophendula ngawo ekwahlulelweni, Math. 12:34–37. Emlonyeni munye kuphuma izibusiso neziqalekiso, okungafanele kube njalo, Jak. 3:10. Amazwi ethu ayosibeka icala, Alima 12:14 (Mosiya 4:30). Abantu bonke mabaqaphele ukuthi baliphatha kanjani igama lami ezindebeni zabo, Mf&V 63:61–62.