Ukuthunjwa Bheka futhi isihloko esithi Inkululeko, Okhululekileyo Wukuba sebugqilini ngokomzimba noma ngokomoya. Indlu yakwa-Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi babo, Hez. 39:23. Lowo oholela ekuthunjweni uyoya ekuthunjweni, IsAmb. 13:10. Abakhohlakeleyo bazolethwa phansi ekuthunjweni kukadeveli, 1 Nefi 14:4, 7. Abantu bakhululekile ukuba bakhethe inkululeko nokuphila okuphakade noma ukuthunjwa nokufa, 2 Nefi 2:27. Intando yenyama inika umoya kadeveli amandla okuthumba, 2 Nefi 2:29. Ngabe niyigcine ngokwanele yini inkumbulo yokuthunjwa kobaba benu na, Alima 5:5–6. Labo abaqinisa izinhliziyozabo bathunjwa ngudeveli, Alima 12:11. Qaphelani futhi nikhuleke njalo, hleze nilingwe ngudeveli, futhi niholeleke ekuthunjweni nguye, 3 Nefi 18:15.