Amoni, indodana kaMosiya Bheka futhi isihloko esithi Ama-Anti-Nefi-Lehi; Amadodana kaMosiya; Mosiya, indodana kaBenjamini ENcwadini kaMormoni, yindodana yeNkosi uMosiya. U-Amoni wayesebenza njengomfundisi imizamo yakhe yokukhuthala eyasiza ukuguqulela abantu abaningi ku Kristu. Wayengongakholiwe owayefuna ukubhubhisa iBandla, Mosiya 27:8–10, 34. Ingelosi yavela kuye kanye nababenaye, Mosiya 27:11. Waphenduka futhi waqalisa ukushumayela izwi likaNkulunkulu, Mosiya 27:32–28:8. Wenqaba ukubizwa ngenkosi futhi esikhundleni salokho waya ezweni lamaLamani ukuyoshumayela izwi likaNkulunkulu, Alima 17:6–9. Wazila futhi wakhulekela ukuholwa, Alima 17:8–11. Wathathwa eboshiwe wayiswa eNkosini uLamoni, Alima 17:20–21. Wasindisa imihlambi kaLamoni, Alima 17:26–39. Washumayela kuLamoni, Alima 18:1–19:13. Wabonga uNkulunkulu futhi waphuphuma yinjabulo, Alima 19:14. Abaphendukile bakhe abazange besahlubuka, Alima 23:6. Wakuthokozela ukuba ngosetshenziswa nguNkulunkulu ekuletheni izinkulungwane eqinisweni, Alima 26:1–8 (Alima 26). Waholela abantu bakwa-Anti-Nefi-Lehi ekuphepheni, Alima 27. Wezwa injabulo enkulu ehlangana no-Alma, Alima 27:16–18.