Ukukhonza izithixo Wukukhonza izithombe noma wukuthanda noma wukunamathela ngokweqile entweni ethile. Awuyikuba nonkulunkulu ngaphandle kwami, Eks. 20:3 (Mosiya 12:35; 13:12–13). Uma uhamba nabanye onkulunkulu, uyobhubha, Dut. 8:19. Inkani ifana nobubi kanye nokukhonza izithixo, â… Â Sam. 15:23. Wazambulela omunye kunami, Isaya 57:8. Utusile onkulunkulu besiliva nabegolide, Dan. 5:23. Ningekhonze uNkulunkulu nomamona, Math. 6:24. Umhawu ungukukhonza izithixo, Kol. 3:5. Bantwana, dedani ezithombeni, â… Â Joh. 5:21. Maye kulabo abakhonza izithixo, 2 Nefi 9:37. Ukukhonza izithixo kwabantu bakwaNefi kwabalethela izimpi zabo kanye nokubhujiswa, Alima 50:21. Wonke umuntu uhamba ngokomfanekiso kankulunkulu wakhe, Mf&V 1:16. Mabasebenze ngezandla zabo ukuze kungabi bikho kukhonza zithombe, Mf&V 52:39. Uyise ka-Abrahama waholeleka ekukhonzeni izithombe, Abr. 1:27.