Imbuyiselo, Ukubuyiselwa Bheka futhi isihloko esithi Ukubuyiselwa kwevangeli Wukubuyiselwa kwento noma kwesimo ebesithathiwe noma ebesilahlekile. Umoya kanye nomzimba kuyohlangana kube sesimweni sakho esipheleleyo, Alima 11:43–44. Ukubuyiselwa wukubuyisela emuva okubi ngokubi, ukulunga ngokulunga, Alima 41:10–15. Sikholelwa ekubuyiselweni kweZizwana eziyiShumi futhi nasekutheni umhlaba uzokwenziwa musha futhi uthole inkazimulo yawo yeparadisi, Bha. Kho. 1:10 (Mf&V 133:23–24).