Umbhishobhi Bheka futhi isihloko esithi UbuPhristi buka-Aroni Kusho “ukwengamela,” isikhundla noma umsebenzi oyisibopho. UmBhishobhi yisikhundla esimisiweyo ebuPhristini buka-Aroni (Mf&V 20:67; 107:87–88), futhi umbhishobhi ungumahluleli wabantu bonke kwa-Israyeli (Mf&V 107:72, 74). UMoya oNgcwele unenze abengameli, IzE. 20:28. Okufunekayo kumbhishobhi kubekwa obala, Ⅰ Thim. 3:1–7 (Thithu 1:7). Umbhishobhi kufanele agcotshwe, Mf&V 20:67. U-Edward Partridge kwakuzofanele asebenze njengombhishobhi eBandleni, Mf&V 41:9. Umbhishobhi kufanele ahlukanise izipho zomoya, Mf&V 46:27, 29. Umphristi omkhulu angasebenza esikhundleni sikambhishobhi, Mf&V 68:14, 19 (Mf&V 107:17). Umbhishobhi ubekwa yiNkosi, Mf&V 72. Umbhishobhi kufanele anakekele abampofu, Mf&V 84:112. Umbhishobhi kufanele aphathe zonke izinto zasemhlabeni, Mf&V 107:68. Umbhishobhi ungumongameli wobuPhristi buka-Aroni, Mf&V 107:87–88.