Inhlalakahle Bheka futhi isihloko esithi Izenzo zomusa, Ukwenza izenzo zomusa; Mpofu; Ukusebenzela; Ukuzila ukudla, Zila ukudla; Umnikelo Yindlela kanye nesu lokunakekela izidingo zabantu zomoya kanye zemvelo. Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abampofu bakho, kanye nabasweleyo bakho ezweni lakini, Dut. 15:11. Lowo onika abampofu akayikweswela, IzA. 28:27. Akusikho yini ukuzila engikukhethileyo? ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, ukuletha abampofu ekhaya lakho na? Isaya 58:6–7. Ngangilamile futhi nangipha inyama; ngangiyisihambi nangingenisa. Uma nikwenza komunye wabancane walababafowethu, nikwenzile kimi, Math. 25:35–40. Nikezani lokho eninakho kulowo omi edinga, Mosiya 4:16–26. Banikana ngokwemvelo nangokomoya ngokwezidingo nezimfuno zabo, Mosiya 18:29. Bayalwa ukuba bahlanganyele ekuzileni ukudla nokukhulekela ukuhlalakahle kwalabo ababengamazi uNkulunkulu, Alima 6:6. Khulekelani ukuhlalakahle kwenu kanye nokuhlalakahle kwalabo abaseduze kwenu, Alima 34:27–28. Babenezinto zonke ezifanayo phakathi kwabo, 4 Nefi 1:3. Khumbula abampofu, Mf&V 42:30–31. Nivakashele abampofu, nabantulayo, Mf&V 44:6. Khumbulani kuzo zonke izinto abampofu nabantulayo, Mf&V 52:40. Maye kini bantu abacebileyo, eningathandi ukunika impahla yenu kwabampofu, futhi maye kini abampofu eningeneli, eningafuni ukusebenza ngezandla zenu, Mf&V 56:16–17. ESiyoni kwakungekho ompofu phakathi kwabo, Mose 7:18.