Duteronomi
Yincwadi yesihlanu yeTestamente eliDala.
UDuteronomi uqukethe izintshumayelo ezintathu zokugcina zikaMose, azishumayela emathafeni akwaMowabi masinyane nje ngaphambi kokuba aguqulwe. Intshumayelo yokuqala (izahluko 1–4) iyisingeniso. Intshumayelo yesibili (izahluko 5–26) inezinxenye ezimbili: (1) izahluko 5–11—yimiYalelo eliShumi futhi nencazelo yokusebenza kwayo; (2) izahluko 12–26—yinhlanganisela yemithetho, eyenza ubuphakathi bencwadi yonke. Intshumayelo yesithathu (izahluko 27–30) iqukethe ukuvuselelwa okunesizotha kwesivumelwano phakathi kwabakwa-Israyeli noNkulunkulu futhi nokumemezelwa kwezibusiso ezilandela ukuhlonipha futhi neziqalekiso ezilandela ukungahloniphi. Izahluko 31–34 zichaza ngokulethwa komthetho kwabakwaLevi, iculo likaMose kanye nesibusiso sakhe sokugcina, nokuhamba kukaMose.