Woza Bheka futhi isihloko esithi Othobelayo, Thobela, Ukuthobela; Umfundi Emibhalweni engcwele, kuvame ukusho ukusondela kumuntu othile ngokumlandela noma ngokumhlonipha, njengasemushweni othi “wozani kuKristu, futhi nipheleliswe kuye” (Moro. 10:32). Bekani izindlebe zenu, nize kimi, Isaya 55:3. Zanini kimi, nina nonke enizabalazayo, Math. 11:28. Vumelani abantwana ukuba beze kimi, Math. 19:14. Uma umuntu ethanda ukuza kimi, makazidele, Luka 9:23. Lowo oza kimi kasoze alamba, Joh. 6:35. UKristu umema bonke ukuba beze kuye, 2 Nefi 26:33. Wozani kimi futhi nisindiswe, 3 Nefi 12:20. Wozani kuKristu, Moro. 10:32. Bizani bonke ukuba beze kuKristu, Mf&V 20:59. Wozani kimi, futhi imimoya yenu iyophila, Mf&V 45:46.