Mariya Magdalena Ngowesifazane eTestamenteni eliSha owaba ngumlandeli kaJesu othembekileyo. Ukuthi Magdalena kubhekiswe eMagdala, indawo lapho loMariya ayevela khona. Itholakala ogwini olungasentshonalanga yoLwandle lwaseGalile. Wayeseduze nesiphambano, Math. 27:56 (Marku 15:40; Joh. 19:25). Wayesemngcwabeni kaKristu, Math. 27:61 (Marku 15:47). Wayesethuneni ngokusa kovuko, Math. 28:1 (Marku 16:1; Luka 24:10; Joh. 20:1, 11). UJesu wavela kuye kuqala emva kokuvuka kwakhe, Marku 16:9 (Joh. 20:14–18). Odeveli abayisikhombisa baphuma kuye, Luka 8:2.