Ukweba, Yeba Wukuthatha into ethile komunye ngokungathembeki noma ngokungavumelekile. INkosi selokhu yahlala ibayala njalo abantwana Bayo ukuba bangebi (Eks. 20:15; Math. 19:18; 2 Nefi 26:32; Mosiya 13:22; Mf&V 59:6). Zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho amasela engafohli khona noma ebe, Math. 6:19–21. Ukwehlulwa kwamaNefi kweza ngenxa yokuzidla, ingcebo, ukuphanga, ukweba, Hel. 4:12. Lowo owebayo futhi owenqaba ukuphenduka uyokhishelwa ngaphandle, Mf&V 42:20. Labo abebayo bayolethwa emthethweni wezwe, Mf&V 42:84–85.