Fayo, Impilo yasemhlabeni Bheka futhi isihloko esithi Ukufa komzimba; Ukuwa kuka-Adamu no-Eva; Umhlaba; Umzimba Yisikhathi kusuka ekuzalweni kuze kube ngukufa komzimba. Lokhu kwesinye isikhathi kuthiwa yisimo sokuphila sesibili. Ngalolosuku oyokusidla ngalo uyokufa nokufa, Gen. 2:16–17 (Mose 3:16–17). Ekufeni umoya uyobuyela kuNkulunkulu futhi umzimba uyobuyela othulini lomhlabathi, Shum. 12:7 (Gen. 3:19; Mose 4:25). Makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, Roma 6:12. Lomzimba ofayo kufanele wembathe ukungafi, â… Â Kor. 15:53 (Enoshe 1:27; Mosiya 16:10; Morm. 6:21). Isimo somuntu saba yisimo sokuvivinywa, 2 Nefi 2:21 (Alima 12:24; 42:10). U-Adamu wawa ukuze abantu babekhona, 2 Nefi 2:25. Ngabe nibheka phambili futhi nibuke lomzimba ofayo uvuselwa ekungafini na, Alima 5:15. Lempilo yisikhathi sokulungiselela ukuhlangana noNkulunkulu, Alima 34:32. Ningakwesabi ukufa, ngokuba ukujabula kwenu akuphelele kulomhlaba, Mf&V 101:36. Labo abagcina isimo sabo sokuphila sesibili bayoba nenkazimulo, Abr. 3:26.