Izwi Bheka futhi isihloko esithi Isambulo Njengokusetshenziswa emibhalweni engcwele, kwesinye isikhathi kungumyalezo ozwakalayo okhulunywa yiNkosi noma yizithunywa Zayo. Izwi likaMoya nalo futhi lingezwakala futhi libhekiswe enhliziyweni noma engqondweni. U-Adamu no-Eva bezwa izwi leNkosi uNkulunkulu, Gen. 3:8 (Mose 4:14). INkosi yakhuluma ku-Eliya ngezwi elipholile elincane, â… Â AmaKh. 19:11–13. Abalungileyo balandela izwi loMalusi oMuhle, Joh. 10:1–16. Bonke abaneqiniso bayalizwa izwi lami, Joh. 18:37. Ngalihlonipha izwi likaMoya, 1 Nefi 4:6–18. Kweza izwi kimi, lithi: Enoshe, izono zakho zithethelelwe, Enoshe 1:5. Kwakuyizwi elithule elizothe ngokuphelele futhi labahlaba ngisho kuwo umoya uqobo, Hel. 5:29–33 (3 Nefi 11:3–7). Noma ngezwi lami noma ngezwi lezinceku zami kuyefana, Mf&V 1:38. Noma yikuphi abayokukhuluma uma beholwa uMoya oNgcwele kuyoba yizwi leNkosi, Mf&V 68:2–4. Wonke umuntu othobela izwi lami uyobona ubuso bami futhi azi ukuthi nginguye, Mf&V 93:1.