Olungileyo, Ukulunga Bheka futhi isihloko esithi Hamba, Hamba noNkulunkulu; Imiyalelo kaNkulunkulu; Ofanelwe, Ukufanelwa; Ongalungile, Ukungalungi; Ubuqotho Wukulunga, wukuba ngcwele, wukuba nokulunga, wukuba qotho; wukuhlonipha imiyalelo kaNkulunkulu; wukugwema isono. INkosi izobabusisa abalungileyo, AmaH. 5:12. Amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, AmaH. 34:15, 17 (â… Â Petru 3:12). Uma abalungileyo besemagunyeni, abantu bayathokoza, IzA. 29:2 (Mf&V 98:9–10). Babusisiwe labo abalambele futhi nabomele ukulunga, Math. 5:6 (3 Nefi 12:6). Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu kanye nokulunga kwakhe, Math. 6:33. Abalungileyo baya ekuphileni okuphakade, Math. 25:46. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu, Jak. 5:16. Lowo olungileyo uthandwa nguNkulunkulu, 1 Nefi 17:35. Uzobalondoloza abalungileyo; mabangesabi, 1 Nefi 22:17, 22. USathane akazukuba namandla ngenxa yokulunga kwabantu beNkosi, 1 Nefi 22:26. Uma kungekho ukulunga akukho ukujabula, 2 Nefi 2:13. Abalungileyo bazodla ifa lombuso kaNkulunkulu, 2 Nefi 9:18. Abalungileyo abawesabi amazwi eqiniso, 2 Nefi 9:40. Bonke abantu kufanele baguqukele esimweni sokulunga, Mosiya 27:25–26. Amagama abalungileyo ayobhalwa encwadini yokuphila, Alima 5:58. Ufune injabulo ekwenzeni ububi, okuphambene nokulunga, Hel. 13:38. Iculo lolungileyo liwumkhuleko kimi, Mf&V 25:12. Yimani, nifake isivikelo sesifuba sokulunga, Mf&V 27:16 (Ef. 6:14). Ukufa kwabalungileyo kuyoba mnandi kubo, Mf&V 42:46. Abalungileyo bayoqoqwa phakathi kwazo zonke izizwe, Mf&V 45:71. Abantu mabenze okuningi ukulunga ngokukhululeka kwabo, Mf&V 58:27. Lowo owenza imisebenzi yokulunga uyothola ukuthula kulomhlaba nokuphila okuphakade emhlabeni ozayo, Mf&V 59:23. NgokuZa kwesiBili, kuyoba khona ukwahlukaniswa konke kwabalungileyo nababi, Mf&V 63:54. Amandla asezulwini angalawulwa kuphela ngemigomo yokulunga, Mf&V 121:36. Phakathi kwabalungileyo kwakukhona ukuthula, Mf&V 138:22. Abantu baseSiyoni babehlala ngokulunga, Mose 7:18. U-Abrahama wayengumlandeli wokulunga, Abr. 1:2.