UmSindisi Bheka futhi isihloko esithi Jesu Kristu Ngosindisayo. UJesu Kristu, ngeNhlawulo Yakhe, wanika ukuhlengwa kanye nensindiso kubantu bonke. “UmSindisi” yigama kanye nebizo likaJesu Kristu. INkosi ingukukhanya kwami kanye nensindiso yami, AmaH. 27:1 (Eks. 15:1–2; Ⅱ Sam. 22:2–3). NgiyiNkosi; futhi ngaphandle kwami akekho umsindisi, Isaya 43:11 (Mf&V 76:1). Biza igama lakhe ngokuthi nguJesu: ngokuba uyosindisa abantu bakhe ezonweni zabo, Math. 1:21. Nizalelwe namuhla umSindisi, onguKristu iNkosi, Luka 2:11. UNkulunkulu walithanda izwe kangaka kwaze kwathi iNdodana eZelwe Yodwa yeza ukuzosindisa abantu, Joh. 3:16–17. Alikho elinye igama ngaphandle kwelikaKristu abantu abangasindiswa ngalo, IzE. 4:10–12 (2 Nefi 25:20; Mosiya 3:17; 5:8; Mf&V 18:23; Mose 6:52). Ezulwini silindele khona umSindisi, iNkosi uJesu Kristu, Fil. 3:20. UBaba wathumela iNdodana ukuba ibe ngumSindisi womhlaba, Ⅰ Joh. 4:14. INkosi yavusa uMesiya, umSindisi womhlaba, 1 Nefi 10:4. IMvana kaNkulunkulu ingumSindisi womhlaba, 1 Nefi 13:40. Ulwazi lomSindisi luyosabalala kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, kanye nabantu, Mosiya 3:20. UKristu kwakufanele afe ukuze insindiso ize, Hel. 14:15–16. Isihlanguzo nokungcweliswa ngomSindisi kulungile futhi kuliqiniso, Mf&V 20:30–31. NginguJesu Kristu, umSindisi womhlaba, Mf&V 43:34. OZelwe Yedwa Wami ungumSindisi, Mose 1:6. Ngobuningi kwabakholwa yiNdodana futhi bephenduka ezonweni zabo bazosindiswa, Mose 5:15.