Izimiso
Yimikhuba kanye nezenzo ezibalulekile ezingcwele. Izimiso zenziwa yizenzo ezinezincazelo zomoya. Izimiso zingasho futhi imithetho kanye nemigomo kaNkulunkulu.
Izimiso eBandleni zihlanganisa ukubusiswa kwabagulayo (Jak. 5:14–15), ukubusisa isidlo esingcwele (Mf&V 20:77, 79), umbhabhadiso ngokucwiliswa (Math. 3:16; Mf&V 20:72–74), ukubusisa abantwana (Mf&V 20:70), ukunika uMoya oNgcwele (Mf&V 20:68; 33:15), ukunika ubuphristii (Mf&V 84:6–16; 107:41–52), izimiso zasethempelini (Mf&V 124:39), kanye nomshado esivumelwaneni esisha nesaphakade (Mf&V 132:19–20).
Isimiso esenzelwa omunye
Yisimiso senkolo esenziwa ngumuntu ophilayo esenzela othile ofileyo. Lezi zimiso zisebenza kuphela uma labo ezenzelwa bona bezamukela, begcina izivumelwano ezihlangene nazo, futhi beqiniswa ngoMoya oNgcwele weseThembiso. Izimiso ezinjena ziyenziwa namhlanje ngaphakathi emathempelini.