Bopha, Ukubopha Bheka futhi isihloko esithi Eliya; Izimiso; Ubuphristi Wukwenza izimiso ezenziwe ngegunya lobuphristi emhlabeni zibe namandla ezulwini. Izimiso ziyaboshwa ngesikhathi zithola ukuvunywa nguMoya oNgcwele weseThembiso, okunguMoya oNgcwele. Oyokubopha emhlabeni kuyoboshwa nasezulwini, Math. 16:19 (Math. 18:18; Mf&V 124:93; 132:46). Nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele weseThembiso, Ef. 1:13. Ngikunika amandla, okuthi oyokubopha emhlabeni kuyoboshwa nasezulwini, Hel. 10:7. Kubo kunikwe amandla okubopha emhlabeni nasezulwini, Mf&V 1:8. Labo abasenkazimulweni yesilestiyali bakhethwa ngoMoya oNgcwele wesethembiso, Mf&V 76:50–70. U-Eliya unika izikhiye zamandla okubopha ezandleni zikaJoseph Smith, Mf&V 110:13–16. Lokhu kungamandla okubopha nokuhlanganisa, Mf&V 128:14. Izwi eliqinisekile kakhulu lesiphrofetho lisho ukwazi komuntu ukuthi usekhethelwe impilo yaphakade, Mf&V 131:5. Zonke izivumelwano ezingaqiniswanga ngoMoya oNgcwele wesethembiso ziyaphela uma abantu sebefile, Mf&V 132:7. Umsebenzi omkhulu okufanele wenziwe emathempelini wukuboshwa kwabantwana nabazali babo, Mf&V 138:47–48.