Hamba, Hamba noNkulunkulu Bheka futhi isihloko esithi Indlela; Olungileyo, Ukulunga; Othobelayo, Thobela, Ukuthobela Wukuvumelana nezimfundiso zikaNkulunkulu futhi nokuphila ngendlela leyo uNkulunkulu afuna abantu Bakhe baphile ngayo; wukwemukela futhi nokuthobela ukuboniswa nguMoya oNgcwele. Ngizobavivinya, ukuthi bazohamba yini emthethweni wami, noma qha, Eks. 16:4. Akukho okuhle okuyokwenqatshelwa abahamba ngobuqotho, AmaH. 84:11. Labo abahamba emithethweni yami futhi abagcina izimiso zami bayoba ngabantu bami, Hez. 11:20–21 (Dut. 8:6). Yikuphi iNkosi ekufunayo kuwe ngaphandle kokuba uhambe ngokuthobeka noNkulunkulu na, Mika 6:8 (Mf&V 11:12). Hamba ekukhanyeni, njengoba noNkulunkulu esekukhanyeni, â… Â Joh. 1:7 (â…¡Â Joh. 1:6; Ⅲ Joh. 1:4; 4 Nefi 1:12). Hambani endleleni engumcingo eholela ekuphileni, 2 Nefi 33:9. INkosi uBenjamini yayihamba nonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu, Mosiya 2:27. Umsebenzi wenu wukuba nihambe ningenacala ngokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, Alima 7:22. Amalungu eBandla ayokhombisa ukuziphatha ngokulunga, Mf&V 20:69. Niyomnaka umphrofethi futhi nihambe ngobungcwele bonke phambi kwami, Mf&V 21:4. Fundisani abantwana ukukhuleka nokuhamba ngobuqotho phambi kweNkosi, Mf&V 68:28. Uyohlala kimi, nami kuwe; ngakho-ke hamba nami, Mose 6:34.