Ukubekezela Bheka futhi isihloko esithi Bekezela; Omnene, Ubumnene Wukubekezela okuzolile; wukukwazi ukubekezelela izinhlupho, ukuthukwa, noma ukukhubazwa ngaphandle kokukhononda noma kokuphindisela. Thula eNkosini, ulindele yena ngokubekezela, AmaH. 37:7–8. Ophuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, IzA. 14:29. Ngokubekezela kwenu nizozuza imimoya yenu, Luka 21:19. Sinethemba ngokubekezela kanye nangenduduzo yemibhalo engcwele, Roma 15:4. Landelani labo abayizindlalifa zezithembiso ngokholo kanye nangokubekezela, Heb. 6:12–15. Ukubekezela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangasweli lutho, Jak. 1:2–4. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, Jak. 5:11. Bazinikela ngokuthokoza kanye nangokubekezela kuyo yonke intando yeNkosi, Mosiya 24:15. Wazithwala zonke lezi zinto ngokubekezela ngokuba iNkosi yayinawe, Alima 38:4–5. Qhubekani nokubekezela nize nipheleliswe, Mf&V 67:13.