Enza icala Wukuphula umthetho kaNkulunkulu, wukona, noma wukubangela ukungaphatheki kahle noma ukukhubaza; futhi wukungajabulisi noma wukucanula. Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, IzA. 18:19. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, Math. 5:29. Okhubekisa abe-munye kulaba abancane abakholwa kimi, bekungcono kuye ukuba azikiswe olwandle, Math. 18:6 (Mf&V 121:19–22). Uma umfowenu noma udadewenu ekona futhi evuma, niyobuyelana, Mf&V 42:88. Akukho umuntu ona ngakho uNkulunkulu, ngaphandle kwalabo abangasivumi isandla sakhe kukho konke, futhi abangathobeli imiyalelo yakhe, Mf&V 59:21.