Phulukisa, Ukuphulukisa Bheka futhi isihloko esithi Gcoba; Ukubusisa abagulayo Wukwenza umuntu ukuba aphile noma asinde futhi, ngokomzimba futhi nangokomoya. Imibhalo engcwele iqukethe izibonelo eziningi zokuphulukiswa okuyisimangaliso okwenziwa yiNkosi kanye nezinceku Zayo. NgiyiNkosi ekuphilisayo, Eks. 15:26. UNahamani wazicwilisa eMfuleni iJordani kasikhombisa futhi waphiliswa, Ⅱ AmaKh. 5:1–14. Ngemivimbo yakhe siyaphiliswa, Isaya 53:5 (Mosiya 14:5). ILanga lokulunga liyophuma linokwelashwa emaphikweni alo, Mal. 4:2. UJesu welapha zonke izinhlobo zezifo, Math. 4:23 (Math. 9:35). Wabanika amandla okwelapha zonke izinhlobo zezifo, Math. 10:1. Ungithumele ukuzophilisa abanezinhliziyo ezidabukileyo, Luka 4:18. Bephiliswa ngamandla eMvana kaNkulunkulu, 1 Nefi 11:31. Uma ukholwa ekuhlengweni kukaKristu, ungaphiliswa, Alima 15:8. Wabaphilisa ngamunye, 3 Nefi 17:9. Lowo onokholo kimi lokuba aphiliswe uyophiliswa, Mf&V 42:48. Egameni lami bayophilisa abagulayo, Mf&V 84:68. Sikholelwa esiphweni sokusindisa, Bha. Kho. 1:7.