Inhliziyo edabukileyo Bheka futhi isihloko esithi Inhliziyo; Omnene, Ubumnene; Othobekileyo, Ukuzithoba; Phenduka, Ukuphenduka; Umnikelo Ukuba nenhliziyo edabukileyo wukuthobeka, wukudabuka, wukuphenduka, futhi nokuba mnene—okungukuthi, wukwemukela intando kaNkulunkulu. Ngihlala nalowo onomoya othobekileyo nophukileyo, Isaya 57:15. UKristu wazinikelela labo abanenhliziyo edabukileyo nomoya ophukileyo, 2 Nefi 2:7. Nikela njengomhlatshelo eNkosini inhliziyo edabukileyo nomoya ophukileyo, 3 Nefi 9:20 (Mf&V 59:8). Yilabo kuphela abanezinhliziyo ezidabukileyo nemimoya ephukileyo abemukelwa ngombhabhadiso, Moro. 6:2. UJesu wabethelwa ukuze kususwe izono kulabo abanezinhliziyo ezidabukileyo, Mf&V 21:9. Lowo umoya wakhe odabukile uyemukelwa, Mf&V 52:15. UMoya oNgcwele wethenjiswa kulabo abadabukile, Mf&V 55:3. UMoya wami uthunyelwe emhlabeni ukukhanyisela abazithobile nabadabukile, Mf&V 136:33.