Beka icala, Ukubekwa icala Bheka futhi isihloko esithi Hlulela, Ukwahlulela; UkwaHlulelwa kokuGcina Wukwehlulela noma wukwahlulelwa ngokubekwa icala nguNkulunkulu. UNkulunkulu uzombeka icala umuntu wamacebo enkohlakalo, IzA. 12:2. Sijeziswa yiNkosi, ukuze singabekwa icala kanye nomhlaba, â… Â Kor. 11:32. Amazwi ethu, imisebenzi yethu, kanye nemicabango yethu iyosibeka icala, Alima 12:14. Ngokwazi izinto kodwa bengazenzi, abantu babekwa icala, Hel. 14:19. Uma siyeka ukusebenza, sizobekwa icala, Moro. 9:6. Lowo ongamxoleli umfowabo unecala phambi kweNkosi, Mf&V 64:9. Lowo owona enolwazi olukhudlwana uyobekwa icala kakhudlwana, Mf&V 82:3. IBandla lonke lingaphansi kokubekwa icala baze baphenduke futhi bakhumbule iNcwadi kaMormoni, Mf&V 84:54–57.