Biza, Obizwe nguNkulunkulu, Ubizo Bheka futhi isihloko esithi Gcoba, Ukugcotshwa; Igunya; Khetha, Khethe; Khethiweyo; Ubuphathi, Umphathi Ukubizwa nguNkulunkulu wukuthola ukubekwa noma isimemo Kuye noma kubaholi beBandla Lakhe abagunyaziwe ukuba bamsebenzele ngandlela thile. Wabeka izandla zakhe phezu kwakhe wamnika isikhundla, Num. 27:23. Ngakugcoba waba ngumphrofethi, Jer. 1:5. Nginikhethile futhi nganigcoba, Joh. 15:16. UPawulu wabizwa ukuba abe ngumPhostoli, Roma 1:1. Akukho-muntu ozithathela lesi sikhundla, kuphela obizwe nguNkulunkulu, Heb. 5:4. UJesu wabizwa nguNkulunkulu ngokohlelo lukaMelkisedeki, Heb. 5:10. Ngibizwe ukuba ngishumayele izwi likaNkulunkulu ngokomoya wesambulo nesiphrofetho, Alima 8:24. Abaphristi babizwa futhi balungiswa kusuka ekusekelweni komhlaba, Alima 13:3. Uma ninesifiso sokusebenzela uNkulunkulu, nibiziwe, Mf&V 4:3. Yima uqine emsebenzini engikubizele kuwo, Mf&V 9:14. Akufanele ucabange ukuthi ubizelwe ukushumayela kuze kube ubiziwe, Mf&V 11:15. Amagosa abizelwe ukufeza ukubuthana kwabakhethiweyo, Mf&V 29:7. Akekho oyoshumayela ivangeli lami noma akhe ibandla lami ngaphandle kokuba egcotshiwe, Mf&V 42:11. Baningi ababiziwe, kodwa bayingcosana abakhethiweyo, Mf&V 121:34. Indoda kufanele ibizwe ngokukaNkulunkulu, Bha. Kho. 1:5.