Nefi, indodana kaHelamani Bheka futhi isihloko esithi Helamani, indodana kaHelamani; Lehi, umfundisi ongumNefi ENcwadini kaMormoni, ngumphrofeti omkhulu kanye nomfundisi. Kwakuyindodana endala kaHelamani, Hel. 3:21. Wabekwa ukuba ngumahluleli omkhulu, Hel. 3:37. Yena kanye nomfowabo uLehi baguqulela amaLamani amaningi evangelini, Hel. 5:18–19. Wazungezwa wumlilo futhi wakhululwa etilongweni, Hel. 5:20–52. Wakhuleka embhoshongweni wakhe owawusensimini, Hel. 7:6–10. Wembula ukuthi ngubani owabulala umahluleli omkhulu, Hel. 8:25–28; 9:1–38. Wanikwa yiNkosi amandla amakhulu, Hel. 10:3–11. Wacela iNkosi ukuba kubekhona indlala futhi wayicela ukuba iqede indlala, Hel. 11:3–18.