Othobelayo, Thobela, Ukuthobela Bheka futhi isihloko esithi Busisa, Isibusiso, Obusisiweyo; Hamba, Hamba noNkulunkulu; Imiyalelo kaNkulunkulu; Injabulo; Lalela; Umthetho Ngokomqondo womoya, ukuthobela wukwenza intando kaNkulunkulu. UNowa wenza ngokwayo yonke imiyalelo kaNkulunkulu, Gen. 6:22. U-Abrahama wayihlonipha iNkosi, Gen. 22:15–18. Konke iNkosi ekushilo sizokwenza, Eks. 24:7. Yizwa-ke, O Israyeli, futhi uqaphele ukwenza, Dut. 6:1–3. Thanda iNkosi futhi uhloniphe izwi layo, Dut. 30:20. Ukuhlonipha kuhle kunomhlatshelo, â… Â Sam. 15:22. Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, Shum. 12:13–14. Akusibo bonke abayongena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba, Math. 7:21 (3 Nefi 14:21). Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uyokwazi uma imfundiso kungekaNkulunkulu, Joh. 7:17. Kufanele sihloniphe uNkulunkulu kunabantu, IzE. 5:29. Bantwana, hloniphani abazali benu, Ef. 6:1 (Kol. 3:20). Ngizohamba ngiyozenza izinto iNkosi eyale ngazo, 1 Nefi 3:7. Ngalihlonipha izwi likaMoya, 1 Nefi 4:6–18. Uma abantwana babantu begcina imiyalelo kaNkulunkulu uyabondla, 1 Nefi 17:3. Qaphela hleze uhloniphe umoya omubi, Mosiya 2:32–33, 37 (Mf&V 29:45). Abantu bathola umvuzo wabo ngokomoya abawuhloniphayo, Alima 3:26–27. Abantu kufanele benze izinto eziningi ngokukhululeka kwentando yabo, Mf&V 58:26–29. Akukho umuntu ona ngakho uNkulunkulu, ngaphandle kwalabo abangasivumi isandla sakhe kukho konke, futhi abangayithobeli imiyalelo yakhe, Mf&V 59:21. Mina, iNkosi, ngizibophezele uma nenza lokho engikushoyo, Mf&V 82:10. Wonke umuntu othobela izwi lami uyobona ubuso bami futhi azi ukuthi nginguye, Mf&V 93:1. Abantu kudingeka bajeziswe baze bafunde ukulalela, Mf&V 105:6. Uma sithola noma yisiphi isibusiso kuNkulunkulu, kungenxa yokuthobela lowomthetho esimiswe kuwo, Mf&V 130:21. U-Adamu walalela, Mose 5:5. Sizobavivinya ukuze sibone ukuthi ngabe bazozenza zonke izinto noma yini iNkosi eyobayala ngazo, Abr. 3:25.