Ngcwele Bheka futhi isihloko esithi Omsulwa, Ubumsulwa; Ubungcwele; Ukungcweliswa Okungathintwayo, okunesimilo sobunkulunkulu, noma okucwebileyo ngokomoya futhi nangokulunga. Okuphambene nokungcwele okuvamile noma okungcolile. Niyokuba kimi ngumbuso wabaphristi, futhi nesizwe esingcwele, Eks. 19:5–6 (â… Â Petru 2:9). INkosi yayala abakwa-Israyeli yathi: Yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele, Lev. 11:44–45. Labo abanezandla kanye nenhliziyo emsulwa bayoma endaweni yakhe engcwele, AmaH. 24:3–4. Fundisa abantu bami ukwahlukanisa phakathi kokungcwele kanye nokuyichilo, Hez. 44:23. UNkulunkulu usibize ngobizo olungcwele, â…¡Â Thim. 1:8–9. Kusukela ebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, â…¡Â Thim. 3:15. Amadoda angcwele kaNkulunkulu akhuluma ngokuqhutshwa nguMoya oNgcwele, â…¡Â Petru 1:21. Abantu kufanele bahlulelwe ngokweqiniso kanye nobungcwele obukuNkulunkulu, 2 Nefi 2:10. Umuntu wemvelo uba ngoNgcwele ngenhlawulo kaKristu, Mosiya 3:19. Hambani ngokohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, Alima 7:22 (Alima 13:11–12). Abafundi abathathu bangcweliswa enyameni futhi benziwa ngcwele, 3 Nefi 28:1–9, 36–39. Ungadlali ngezinto ezingcwele, Mf&V 6:12. Ngeke ukwazi ukubhala lokho okungcwele ngaphandle kokuthi unikwe yimi, Mf&V 9:9. Niyozibophelela ukuthi niziphathe ngobungcwele bonke phambi kwami, Mf&V 43:9. Abafundi bami bayoma ezindaweni ezingcwele, Mf&V 45:32. Lokho okusuka phezulu kungcwele, Mf&V 63:64. Abantwana abancane bangcwele, Mf&V 74:7. Ngizolingcwelisa lelobala ukuze lenziwe libengcwele, Mf&V 124:44. INkosi izoqoqela abakhethiweyo bayo edolobheni elingcwele, Mose 7:62.