Hlulela, Ukwahlulela Bheka futhi isihloko esithi Beka icala, Ukubekwa icala; Jesu Kristu—UmaHluleli; UkwaHlulelwa kokuGcina Wukubheka ukuziphatha ngokuphathelene nemigomo yevangeli; wukunquma; wukubona okuhle kokubi. UMose wahlala ukuba ahlulele abantu, Eks. 18:13. Uyokwahlulela umakhelwane wakho ngokulunga, Lev. 19:15. Ungahluleli, ukuze ungahlulelwa, Math. 7:1 (HJS, Math. 7:1–2; Luka 6:37; 3 Nefi 14:1). Bonke abonileyo benomthetho bayokwahlulelwa ngomthetho, Roma 2:12. AbaNgcwele bayokwahlulela umhlaba, â… Â Kor. 6:2–3. INdodana kaNkulunkulu waphakade yahlulelwa ngokomhlaba, 1 Nefi 11:32. AbaPhostoli abaliShumi namBili beMvana bayokwahlulela izizwana ezilishumi nambili zakwa-Israyeli, 1 Nefi 12:9 (Mf&V 29:12). Ukufa, isihogo, udeveli, kanye nakho konke okubanjwe yilokhu kufanele kwahlulelwe, 2 Nefi 28:23 (1 Nefi 15:33). Uma wahlulela umuntu ophakamisa isicelo sakhe kuwe ngotho, ngabe kuyobe kulunge kangakanani ukubekwa kwakho icala ngokugodla utho lwakho na? Mosiya 4:22. Abantu bayokwahlulelwa ngokwemisebenzi yabo, Alima 41:3. Hlulela ngokulunga, futhi kuyobuyiselwa ukulunga nakuwe futhi, Alima 41:14. Umhlaba uyokwahlulelwa ezincwadini okuyobhalwa kuzo, 3 Nefi 27:23–26 (IsAmb. 20:12). Insali yalabantu iyokwahlulelwa ngabalishumi nambili uJesu abakhetha kulelizwe, Morm. 3:18–20. UMormoni wayichaza indlela yokwahlulela phakathi kokuhle nokubi, Moro. 7:14–18. Beka ithemba lakho kulowoMoya oholela ekwahluleleni ngokulunga, Mf&V 11:12. Nimelwe nithi ezinhliziyweni zenu—uNkulunkulu makahlulele phakathi kwami nawe, Mf&V 64:11. IBandla leNkosi lizokwahlulela izizwe, Mf&V 64:37–38. INdodana yavakashela imimoya eyayisetilongweni ukuze bahlulelwe njengabantu abasenyameni, Mf&V 76:73 (â… Â Petru 4:6). Umbhishobhi uyoba ngumahluleli wabo bonke, Mf&V 107:72–74. INkosi iyokwahlulela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo, ngokwezifiso zezinhliziyo zabo, Mf&V 137:9.