Umuthi womhlwathi Bheka futhi isihloko esithi Amafutha; Israyeli Ngumuthi owawandile kwa-Israyeli futhi wawusetshenziswa kakhulu kwezolimo emazweni aseBhayibhelini. Ukhuliselwa izinkuni, izithelo, kanye namafutha awo. Umuthi womhlwathi usetshenziswa kaningi emibhalweni engcwele ukufanisa indlu ka-Israyeli. Indlu ka-Israyeli iqhathaniswa nomuthi womhlwathi amagatsha awo aphukileyo ahlakazeka, 1 Nefi 10:12 (1 Nefi 15:12). INkosi yaqhathanisa indlu ka-Israyeli nomuthi womhlwathi othanjisiweyo, Jakobe 5–6. UJoseph Smith wabiza isambulo sesigaba 88 ngeqabunga lomnqumo, Mf&V 88 amazwi esihloko. Isikhulu satshela izinceku zaso ukuba ziye esivinini saso bese zitshala imithi yeminqumo, Mf&V 101:43–62.