Jezisa, Ukujezisa Bheka futhi isihloko esithi Ubunzima Wukulungiswa okunikwa umuntu ngamunye noma amaviyo abantu ukuze basizwe ukuba babengcono noma baqine. Ungasideleli isandla esijezisayo sikaSomandla, Jobe 5:17 (IzA. 3:11). Ubusisiwe umuntu omjezisayo, O Nkosi, AmaH. 94:12. Yonke imibhalo engcwele inikelwe ukusolwa, ukulungiswa, Ⅱ Thim. 3:16. INkosi iyamjezisa lowo emthandayo, Heb. 12:5–11. INkosi ibona kufanele ukubajezisa abantu bayo, Mosiya 23:21–22. Ngaphandle kokuba iNkosi ibajezise abantu bayo, ngeke bayikhumbule, Hel. 12:3. INkosi yakhuluma nomfowabo kaJarede, futhi yamsola, Etere 2:14. Bajeziswa ukuze baphenduke, Mf&V 1:27. Engibathandayo ngiyabajezisa futhi ukuze izono zabo zixolelwe, Mf&V 95:1. Bonke labo abangathandi ukubekezelela ukujeziswa ngeke bangcweliswe, Mf&V 101:2–5. Abantu bami kudingeka bajeziswe baze bafunde ukulalela, Mf&V 105:6. Lowo ongeke akubekezelele ukujeziswa akawufanele umbuso wami, Mf&V 136:31.