Aroni, indodana kaMosiya Bheka futhi isihloko esithi Amadodana kaMosiya; Mosiya, indodana kaBenjamini ENcwadini kaMormoni, yindodana yeNkosi uMosiya. U-Aroni wayesebenza njengomfundisi imizamo yakhe yokukhuthala eyasiza ukuguqulela abantu abaningi kuKristu. Waye ngongakholiwe owayefuna ukubhubhisa iBandla, Mosiya 27:8–10, 34. Ingelosi yavela kuye kanye nababekanye naye, Mosiya 27:11. Waphenduka futhi waqala ukushumayela izwi likaNkulunkulu, Mosiya 27:32–28:8. Wenqaba ukuba abizwe ngenkosi futhi esikhundleni salokho waya ezweni lamaLamani ukuba ayoshumayela izwi likaNkulunkulu, Alima 17:6–9. Wazila futhi wakhulekela ukuholwa, Alima 17:8–11. Wafundisa uyise weNkosi uLamoni, Alima 22:1–26. Wahamba wayoshumayela kumaZoramu, Alima 31:6–7.