Imali Bheka futhi isihloko esithi Ingcebo; Izenzo zomusa, Ukwenza izenzo zomusa; Okweshumi; Ukuthanda okomhlaba Yizinhlamvu zemali, ngamaphepha, yizitifiketi, noma okuthile abantu abakusebenzisayo ukuze bakhokhele izimpahla kanye nosizo. Kwesinye isikhathi iwuphawu lokuthanda izinto zomhlaba. Nizohlengwa ngaphandle kwemali, Isaya 52:3. AbayiShumi namBili batshelwa ukuthi bangaphathi lutho lwendlela, bangaphathi nasikhwama, nasinkwa, namali, Marku 6:8. UPetru watshela uSimoni oyisanusi ukuthi imali yakhe yayizobhubha kanye naye, IzE. 8:20. Uthando lwemali luyimpande yabo bonke ububi, â… Â Thim. 6:10. Musani ukuchitha imali ngalokho okungenamsebenzi, 2 Nefi 9:50–51 (Isaya 55:1–2; 2 Nefi 26:25–27). Uma besebenzela imali, bayobhubha, 2 Nefi 26:31. Ngaphambi kokufuna ingcebo, funani umbuso kaNkulunkulu, Jakobe 2:18–19. Amabandla ayokuthi ngemali yakho uzothethelelwa izono zakho, Morm. 8:32, 37. Lowo onika imali yakhe ukwenza okuthandwa yiSiyoni akasoze alahlekelwa wumvuzo wakhe, Mf&V 84:89–90.