Nkosi Bheka futhi isihloko esithi Jesu Kristu; UbuNkulunkulu, UNkulunkulu Yibizo lokumesaba kanye nokumhlonipha okujulileyo uNkulunkulu uBaba kanye nomSindisi uJesu Kristu. Lelibizo libhekiswe esikhundleni sabo njengabaphathi abadlule konke, abanothando lwakho konke okudaliweyo Kwabo. Akukho okunzima eNkosini, Gen. 18:14. INkosi yakhuluma noMose ubuso nobuso, Eks. 33:11. Uyothanda iNkosi uNkulunkulu wakho, Dut. 6:5 (Math. 22:37; Marku 12:30). Mina nendlu yami, sizoyikhonza iNkosi, Josh. 24:15. INkosi ingumalusi wami, AmaH. 23:1. INkosi iqinile futhi inamandla, inamandla empini, AmaH. 24:8. INkosi uJehova ungamandla ami, Isaya 12:2 (2 Nefi 22:2). Mina iNkosi ngingumSindisi kanye nomHlengi wakho, Isaya 60:16. Uyokhonza iNkosi uNkulunkulu wakho, Math. 4:10 (Luka 4:8). Zinkulu kangakanani izinto iNkosi ezenzileyo, Marku 5:19. Yinye kuphela iNkosi uJesu Kristu, â… Â Kor. 8:6. Yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhabhadiso, Ef. 4:5. INkosi uqobo lwayo iyokwehla isuka ezulwini, â… Â Thes. 4:16. Ngizohamba ngiyozenza izinto iNkosi eyalile ngazo, 1 Nefi 3:7. INkosi iyokwahlulela abampofu ngokulunga, 2 Nefi 30:9. INkosi uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Abrahama, wabakhulula nempela abakwa-Israyeli ebugqilini, Alima 29:11. Akukho okungasindisa abantu ngaphandle kokuphenduka kanye nokholo eNkosini, Hel. 13:6 (Mosiya 3:12). Lalela amazwi kaJesu Kristu, oyiNkosi yakho, Mf&V 15:1. Funani ubuso beNkosi njalo, Mf&V 101:38. INkosi iyoba bomvu ngezingubo zayo ngokuZa kwesiBili, Mf&V 133:48 (Isaya 63:1–4). U-Abrahama wakhuluma neNkosi ubuso nobuso, Abr. 3:11. Sikholwa wukuthi umgomo wokuqala wevangeli wukholo eNkosini uJesu Kristu, Bha. Kho. 1:4.