Isahluko 22
Ngosuku lweminyaka eyinkulungwane bonke abantu bayoyidumisa iNkosi—Iyohlala phakathi kwabo—Qhathanisa no-Isaya 12. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.
1 Futhi ngalolo suku uyothi: O Nkosi, ngiyokudumisa; noma wawungithukuthelele intukuthelo yakho isisusiwe, futhi uyangiduduza.
2 Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyokwethemba, futhi ngingabi nakwesaba; ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami kanye nehubo lami; phezu kwalokho usebe yinsindiso yami.
3 Ngakho-ke, ngenjabulo uyokukha amanzi emithonjeni yensindiso.
4 Futhi ngalolo suku niyokuthi: Dumisani iNkosi, bizani igama layo, memezelani izenzo zayo phakathi kwabantu, nisho ukuthi igama layo liphakeme.
5 Hlabelelelani iNkosi; ngokuba yenze izinto ezinhle kakhulu; lokhu kuyaziwa emhlabeni wonke.
6 Khala futhi umemeze, wena ohlala eSiyoni; ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.