AManzi aPhilayo Bheka futhi isihloko esithi Jesu Kristu Ngumfanekiso weNkosi uJesu Kristu kanye nezimfundiso Zakhe. Njengoba amanzi efuneka ukuze asekele impilo yemvelo, umSindisi kanye nezimfundiso Zakhe (amanzi aphilayo) kuyafuneka ukuze kuzuzwe ukuphila okuphakade. Niyokha amanzi ngenjabulo emithonjeni yensindiso, Isaya 12:3. Bangishiyile umthombo wamanzi aphilayo, Jer. 2:13. Ophuza emanzini engiyokumnika wona kasoze oma, Joh. 4:6–15. Uma kukhona owomileyo, makeze kimi, aphuze, Joh. 7:37. Induku yensimbi yayiholela emthonjeni wamanzi aphilayo, 1 Nefi 11:25. Phuzani amanzi okuphila ngaphandle kwenkokhelo, Mf&V 10:66. Imiyalelo yami iyokuba ngumthombo wamanzi aphilayo, Mf&V 63:23.